USEXOSHIWE UMFUNDISI UMANDLA MHLANGA OWAZIWA NGELIKA DOORS.
uMfu uMandla Mhlanga ongowokudabuka e Swaziland we Bandla i house of mercy usexoshiwe endaweni yase Nyakatho nekwa Zulu Natal (Emabhanoyini), South Africa.
Umphakathi ubuthukuthele ugane unwabu ngezenzo zalomfundisi okusolwa ukuthi uthwele. Lomfundisi kubikwa ukuthi be siza abantu ngokubakhulekela. Ube nesiphiwo esingandele bani sokubiza abantu ngama gama abo nangezibongo zabo ngaphambi kokuba abakhulekele engabazi.
Intatheli ye MLUDA NEWS ithe lomfundisi bedayisela abantu i juice ebiza iphepha elibomvu R50, ngethemba lokuthi uma abantu baphuza le juice bazosinda ezifeni ezibaphethe iphinde ixoshe nemimoya emibi. Kubikwa ukuthi lomfundisi mbumbulu ube dayisa isikibha ezibhalwe ukuthi "Doors are open" zibiza imali engango 250, nazo lezikibha bezaziwa ngokuthi impela uma usigqokile awusondelwa yizifo nemimoya emibi.
Lomfundisi we bandla i house of mercy ubethandazela abantu baphile basizakale ezifweni yize nje kungasibo bonke ebekade bethola usizo kuyena. Abasizakalayo bebebonga kulenceku kankulunkulu ngezinkomo nezimonto kanye nokunye okuningi. Amalungu ebandla lakhe abike ukuthi lomfundisi ube biza izinkulungwane zama randi uma ezokuvakashela ekhaya lakho elethe umkhuleko. R5000.
Okucasule kakhulu uMphakathi wase Mabhanoyini nowakwa Nondabuya ngalomfundisi ukuthi beselala nabafazi babantu kanye nezingane ezincane. Sibika nje kuthiwa lomfundisi unezingane ezine aziphikile. Umphakathi uphume inqina walibangisa eMzini walo Mfu okuyilapho bafike khona badiliza indlu yakhe bayishisa. Okwamanje akukaziwa ukuthi lomfundisi ukuphi. Noma solibangise kwelakubo e Swaziland.
Comments
Post a Comment